
Kuqubuke ingxabano ngengoma entsha ka-DJ Maphorisa noMas Musiq njengoba kubukeka sengathi laba bahlulekile ukubongela uSamthing Soweto engomeni entsha ye-Amapiano ethi Amalanga Awafani.
Kumanje imboni yomculo yaseNingizimu Afrika ibhekene nengwadla kulandela ukuphuma kweculo elisha le-Amapiano elisihloko sithi ‘Amalanga Awafani’.
Leli culo elikhombise ukusebenza ngokubambisana kwabaculi abehlukene abanekhono okubalwa kubo uMas Musiq, Lawd Weezy, DJ Maphorisa, neTo StarQuality, lishiye abalandeli bomculi wodumo uSamthing Soweto bekhala.
Yize u-Samthing Soweto ebambe iqhaza elikhulu ekuculeni le ngoma, kodwa washiywa ngokumangalisayo ngesikhathi ikhishwa ngokusemthethweni.
Lokhu kushiywa ngaphandle sekuqubule intukuthelo kubantu baseNingizimu Afrika nabalandeli bakaSamthing Soweto, besola uDJ Maphorisa noMas Musiq ngokuxhaphaza ikhono lakhe ngaphandle kokuvunywa okufanele.
Abalandeli bangene ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukuphoxeka kwabo befuna ukuthi uSathing Soweto ahlonishwe ngomsebenzi wakhe keliculo elithi ‘Amalanga Awafani’.
Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, uSamthing Soweto uveze ukuthi uphatheke kabi ngezenzo zalabaculi. Kanti u-DJ Maphorisa ubhodle umlilo ngesikhathi eziphendulela ku-Instagram Live. U-DJ Maphorisa uthe” F**ck you kuSamthing Soweto ngesikhathi ekhuluma ku-Instagram Live, usebenzise inhlamba futhi wamsola ngokungabongi. UMaphorisa uqhubeke wathi nguyena owasiza uSamthing Soweto ukuthi aphumelele endimeni yomculo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
