Kufe omunye umsolwa obedubulana namaphoyisa eKZN

Sekuphinde kwabulawa omunye umsolwa obefunwa uthuli ngesikhathi bebhekene namaphoyisa eKZN ngesikhathi etholwa ecashe endaweni yaseMariannhill namhlanje ekuseni.

Umsolwa kuthiwa unqabile ukuboshwa wabe esevulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni – kodwa wabe eseshona ngesikhathi ephendula abakwasidlodlo sebezphindiselela.

Lo msebenzi wenziwa ithimba le-DPCI Provincial Tracking Team, iDPCI Anti-Gang Unit, Provincial TRT, PMB K9, Provincial Forensics Leads Unit, Metro Police SOD1, Crime Intelligence EOS, Fidelity, SIU kanye neMagma Security & Investigations.

Umsolwa umataniswa okungenani namacala angu-17 okubulala kanye nelokuzama ukubulala kanti konke lokho lomsolwa ubekwenze kuwo lonyaka ka2024.

Kanti lesigameko silama esinye esisanda kwenzeka, lapho kushone abasolwa abayisithupha ngesikhathi bedubulana namaphoyisa aseKZN enkabeni yedolobha laseThekwini.

Laba basolwa bebefunwa ngamacala amaningi okubulala, elakamuva elokubulala abantu abane eMariannhill izolo ebusuku. Amalungu eThekwini District Trio Tracking Team athole la madoda efulethini eliseSouth Beach.

Leli qembu kuthiwa livulele ngenhlamvu libhekise emaphoyiseni, kwaholela ekutheni kuqhume izibhamu lapho amaphoyisa eziphindiselela khona kanti kutholakale izibhamu endaweni yesigameko.

Abasolwa bayamataniswa nohide lwamanye amacala endaweni yaseMariannhill naKwaNdengezi kanti lo mkhankaso uphinde wesekwa ngamalungu ezobunhloli besifundazwe kanye ne-ET Security.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.