
UNathi Mankayi, umculi we-Afro-Pop waseNingizimu Afrika, oke waboshwa ngaphambilini, ukhethe ukuya emajele ahlukene, kodwa kulokhu, hhayi njengesiboshwa, kodwa ukusiza iziboshwa ukuthuthukisa impilo yazo ngokuzikhuthaza ukuba zenze kangcono.
UNathi (41) okhulele eMaclear e-Eastern Cape okumanje uhlela uhambo lwakhe iSilwa Nemimoya Picnic Tour, uthe iphupho lakhe elikhulu wukubona abantu ababoshiwe bephuma beshintshile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
