
IFP isiphoqe Gabriel Malembe ukuthi makasule njengoMeya wase Mvoti. Iqembu le IFP selikhiphe isitatimende kwabezindaba ngodaba olusematheni lomshado we IFP ne ANC kumasipala wase Mvoti. Iqembu le IFP liyalele uMnuzane Gabriel Malembe obeqokwe ngokuba nguMeya kulomshado ukuthi makasule ngoba lomshado ubungagunyaziwe yiqembu le IFP ngokusho kwesitatimende.
Kuzokhumbuleka ukuthi lamaqembu ahlangane aketula uMnuzane Philani Mavundla obenguMeya wase Mvoti ngevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe. Akuphelanga isikhathi eside njengoba umholi weqembu le IFP uMnuzane Velenkosini Hlabisa uthumele umnyalezo ku Gabriel Malembe ukuthi makasule njenge Meya yase Mvoti ngoba lowomshado awugunyaziwe yiqembu le IFP.
UMalembe usesulile njengamanje njengo Meya wase Mvoti. Kuzokhumbuleka ukuthi udaba lusenkantolo yase Mgungundlovu lokuvimbela ukuketulwa ka Mavundla.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
