
U-Earnest Middendorp wephule izinhliziyo zabalandeli be Kaizer Chiefs emdlalweni wokuqeda isizini ka 2023 /2024 ngesikhathi iqembu le Cape Town Spurs liqumba phansi iKaizer Chiefs ngamagoli angu 2-0 Athlone Stadium. Abafana be Cape Town Spurs bakhombise ukuwulambela lomdlalo njengoba kade beyiqembu elincono kakhulu enkundleni ngomzuzu ka 37 bathole igoli lika Cupido lomdlalo uphele isiwombe sokuqala iSpurs sihamba phambili.
IKaizer Chiefs izame kaningi kodwa abagadli baleliqembu bakhombisa ukuba lithuntu. Iqembu le Cape Town Spurs liphinde labuya ngegoli lika Michael Morton umdlalo usuya ngasemaphethelweni. Lomphumela uqede nge Kaizer Chiefs ukuthi iqede ku top 8 ku Dstv Premiership League.
Leliqembu le Kaizer Chiefs laqala ukuphuma ku Top 8 ngaphansi komqeqeshi Earnest Middendorp. njengoba seliphuma ku Cavin Johnson.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
