
UPhilani Maoti Shange oyinkakha ye Golden Arrows unxusa abaphathi bamaqembu KwaZulu-Natal ukuthi balungise indaba yabo nabadlali yesayini on fees. “Angisho ukuthi ngiqhuba imali phambili kodwa ngisho kodwa okufanelekile ukuthi ngikusho ngoba ngibona kuyisifo sabadlali nabaphathi bamaqembu akhona KwaZulu-Natal.” kusho uShange.
“Abadlali bayaxoxelana ngesimo sempilo ephilwa ngabadlali emaqenjini abawadlalelayo baphinde bacebisane ngolwazi abalutholayo, mangabe ngenza isibonelo mangabe umdlali edlala ku Mamelodi Sundowns FC omunye edlala ku Chippa United kuzoba khona umehluko phakathi kwalabadlali ngendlela yezinto ezenziwa ngayo kulamaqembu.
Abadlali bayakhona ukuxhumana bazocobelelana ngamaphuzu okuphuma ku Chippa United ayozama inhlanhla ku Kaizer Chiefs noma Super Sports United, Orlando Pirates.”
“Abadlali abaqala ibhola elikhokhelwayo emaqenjini KwaZulu-Natal abanawo ama agent bahola imali encane kakhulu. Kuqhamuke umdlali wangaphandle kwesifundazwe saKwaZulu Natal ulethwe eqenjini yi Agent. Lomfana mancane kakhulu kodwa uzohola imali enkulu kunabadlali baKwaZulu abamkantshu ubomvu eqenjini.
Lokhu kudala umonakalo omkhulu emaqenjini ngoba kudala uqhekeko kubadlali enkundleni. Mangabe kuphela inkontileka kumdlali ofunwa ngamanye amaqembu ngaphandle akananazi nhlobo usayina egijima.” eqhuba.
UShange uphethe ngokuthi abadlali bangabasebenzi kumele balingane nabadlali base Gauteng ngemiholo. Lokho kuzogqugquzela abadlali ukuthi basebenze ngokuphindiwe ngoba banelisekile ngemhlomulo econsisa amathe ukuphela kwenyanga. Amaqembu angaqala ukunqoba izicoco ngaphansi kwe Dstv Premiership.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
