
“Sicela ukumbonga uMboma wethu esaphila, engapheli amandla syamthanda thina” bekuyintokozo yodwa kwaward 3 emucimbini kaMhlonishwa uMeya.
Njengoba imicimbi kaMhlonishwa uMeya uCllr Dr FJ Sikhakhane isaqhubeka, namuhlanje ubehlanganise uWard 03 ongaphansi kobuholi buka Cllr Mdluli, ehambisana neSekela lakhe Cllr TB Mbatha Kanye noSomlomo uCllr SG Masimula, uMnu S Sokhela uMphathi woMkhandlu, Abahlonishwa besigungo esiphezulu iExco namaKhansela aseMsinga.
uMhlonishwa umeme umphakathi ngenhloso yokuzowazisa ngokuthi isihambe yafikaphi intuthuko yakuleliward aphinde abazise ngabakuhlongozayo ngokusetshenziswa kwezimali kusukela ngoJuly ka2024 kuya ku June ka2025.
Ngale kokuthandabuza uhlale umagqozo waxwayisa kakhulu ngokuvikeleka esimeni sezulu esingesihle kahle. Wadlulela ekwaziseni umphakathi ukuthi sinalo IOffice lakwaTraffic elisisiza ekutheleleni izimoto nokushintshwa kwamanumber plate nokunye. Wahlabela mgama wancoma ekukhuphukeni kwezinga lemfundo eMsinga okwenziwe ukusebenza kanzima kwaBafundi noThisha. Ubeke esecela emphakathini ukuthi lezizingqala sizinda abazidingayo bezinakekele phela mase bezitholile kungahlali imfuyo emahholo omphakathi.
Izinto ezenziwe kuleliward,
kukhandwe izindlu emizini emibili ezinamagumbi amabili: kwaNgubane nakwaMvelase.
Kuphinde kwavulwa namaboreholes amabili :eNgilandi naseSiqhingini.
Kunemali engangoR30000 yokulekelela intsha iward ngalinye laseMsinga ngokuyofunda emabangeni aphezulu, babe babili omunye wasizwa ngoR4600 omunye kwaba uR7500. KwezoLimo bekubekwe uR50000 ukulekelela kuthengwe umuthi weDipha.
Ukusiza imindeni entulayo mayidlulelwe abahlobo bayo, kuye kusizwe imindeni emibili ngenyanga, kusebenze R33600.
Njengenjwayelo uMhlonishwa uMeya uye aphathe okuthile uma eyovakashela isigceme. Namuhlanje ubephathele imindeni entulayo ewu150 igrossa yokudla ukubamba inkemane.
Ngokuhlongozwayo ekusebenziseni kwezimali kusukela ngoJuly ku2024 kuya kuJune 2025 wonyaka ozayo. Bahlongoza ukusebenzisa uR500 000 ekwakheni kwezindlu, uR6.3 million ekukhandeni kwemigwaqo, nakho konke lokhu okunye ebekuvele kwenziwa emawardini wonke aseMsinga.
Bekukhona nababenandisa amaqembu awu10 akhona kaWard 3 nawo azohlonyuliswa ngoR3000 ngalinye.
Elokugcina uMhlonishwa Uthe” asibekezelelane, sithandaneni sibe munye kuze kufike ekugcineni ikakhulukazi njengoba sike saziwa njengendawo enezimpi
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
