Injabulo ibibhalwe ebusweni bebona ubuholi

Injabulo ibibhalwe ebusweni emphakathini wakwa Ward 6 bebona uMhlonishwa uMboma Kanye noNdabezitha iNkosi yaseBathenjini. Njengezithembiso owayezenzile ngentuthuko, Umlomo ongathethi manga, uMhlonishwa uMeya umeme umphakathi ngenhloso yokuzowazisa ngokuthi isihambe yafikaphi untuthuko njenge sigceme 6, esibhekwe uCllr P Ndladla obuye Abe umbheki wokusebenza kwezimali eMkhandlwini.

Akabange esapholisa maseko wahlala amagqozo waxwayisa kakhulu ukuhlonipha isimo sezulu masingesihle kahle, wagcizelela nangokubaluleka kwenhlanzeko emakhaya naseskoleni. Wagxila kakhulu nasekugqugquzeleni imfundo eMsinga, wancoma noThisha abashiye konke bashesha bavula ukuze izingane zaMsinga ziphase ngamalengiso kwaMatric, njengoba nje uMsinga uhambe phambili kwi District.

Ube esehlabela mgama wakhuluma ngemisebenzi emihle eyenziwe.

  1. Kuthengelwe izingane izintathu umfaniswano wesikole kusukela onyaweni kuya phezulu.
  2. Namuhla kuvulwe izakhiwo okuyizindlu ezimbili ezinamagumbi amabili, eyakwa Mntungwa eMbabane nakwaMvelase eMashunka.
  3. Kwathengwa injini ephehla amanzi ukulekelela abalimi ezingandini.
  4. Kwathengwa nethangi u10000 litre
  5. Kwakhandwa ama toilet okusisa osomatekis baseMashunka
  6. Imisebenzi eqondene nentsha, kuR30000 owawuhleliwe kwahlomula abathile okwenza izincwadi zokushayela, Kwalekelelwa intsha emcimbini wengoma.
  7. Kuphinde kube noR30000 wokulekelela intsha ukuyobhalisela ezikhungweni zemfundo ephakeme.
  8. kwezoLimo bekuno R50000 Kwathengwa amaDipha awu5 kwasebenza u20k, ngo30k kwathengwa amathende amabili awo 2polls ukulekelela emncgwabeni kwabahlwempu.
  9. Kwasizwa imindeni edlulelwe abahlobo bayo ngoR33600 banikwa amavoucher abaye bathengelwa amabhokisi.

Kube namaqembu ayishumi abenandisa, wona azozitholela uR3000 ngalinye, lokhu kwenziwa ngenhloso yokubakhuthaza emakhonweni abo.

Njengenjwayelo uMhlonishwa ubephethe ukudla okuningi kwemindeni ewu150 ukulekelela ukuthiba indlala.

Okuhlongozwayo kusomqulu wangonyaka ozayo.

  1. Kuhlongozwa ukusebenzisa uR500000 ukwenzeni kwizingqala sizinda.
  2. Ukwakhiwa kweSportfield.
  3. Ukulungiswa kweMashunka access Road.

Nakho konke obekuvele kwenziwa.

Umcimbi waMhlonishwa uMeya siwuvalelwe uNdabezitha edlulisa amazwi okubonga kokusebenza kanzima kwaBahlonishwa ukuthuthukisa uMsinga.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.