
Liphinde elidume ngalo iqembu iPomeroy Gordon Stars njengoba linqobile emcimbini kaChothoza izolo. Bekudela umakhasana njengoba beziqhithana amazenze izigqwele ezicula umculo weSichathamiya emcimbini obubanjelwe enkundleni yezemidlalo ESolomon Linda izolo.Kuphele ukuqagela ukuthi yiliphi iqembu elizodla umhlanganiso njengoba iPomeroy Gordon Stars idle umhlanganiso kwathi izimbangi zawo IKhalabhayi Boys yaphuma isibili.
Lomcimbi ujabulise wonke umuntu oculile kulolusuku njengoba nongawinanga uzihlomulele ngesamba sika R4 000.Njengoba ebemaningi amaqembu aphuma kwizigceme zonke saseMsinga.
Emaqenjini okuqala imiphumela ime kanje:
Bonke abadlalile kodwa abangawina bathole R4 000
- Long Tigers 89 amaphuzu R 8 000
- More Fire 87 amaphuzu R6 000
- Morning Stars 84 amaphuzu R5 000
Ihlandla lesibili imiphumela inje:
- Douglas Lover Boys 74 amaphuzu R10 000
- Gunjana Master Voice 72 a.aphuzu R8 000
- Douglas Happy Boys 70 amaphuzu R6 000
Ihlandla lesithathu imiphumela imi kanje;
- Pomeroy Gordon Stars 89 amaphuzu R20 000.
- Khalabhayi Boys 87 amaphuzu R18 000.
- Inkunzi Yokukakwa 77 amaphuzu R15 000
Umcimbi uhambe kahle izingoma eziningi bezincoma uMkhandlu waseMsinga ngenxa yentuthuko elethwa uMboma namakhansela .
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
