
UMeya wase Msinga uDokotela FJ Sikhakhane unxenxa bonke osomabhizini abangokuzalwa eMsinga ukuthi babuyele ekhaya ngenhloso yokuzofukula umnotho wase Msinga obunakala ukhula mihla namalanga. “Nginxusa osomabhizini baseMsinga abazinze emadolobheni amakhulu eNingizimu Africa ukuthi mabasondele eMsinga bezotshala izimali zabo.
Khona kuzovuleka amathuba amaningi omsebenzi njengoba sinenhloso yokuthuthukisa nokufukula umnotho wase Msinga. Ngiphinde nginxuse izifundiswa zase eMsinga nabantu abasha ukuba basondele kumasipala wase Msinga.” kusho uMeya
Kumqoka ukuthi basondele bezothekela ulwazi abalufunde emadolobheni amakhulu, sidinga namacebo amasha abangafika nawo okuthuthukisa umnotho wase Msinga.” kuqhuba uMeya.
Abantu abaningi base Msinga basebenza emadolobheni amaningi afana neGoli nase eThekwini nembijane eMgungundlovu. Bavamise ukubuya emakhaya ngezikhathi zamaholidi amqoka afana noGudi kanye noKhisimuzi.
Abanye abazi kabanzi ngomsebenzi owenzeka eMsinga namaphethelo bagcina ngokuzwa ngamakhosikazi ahlala emakhaya ukuthi lento yase eMsinga ikhona. Idolobha lase Msinga likhula mihla namalanga njengoba lisizinda esikhulu sezolimo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
