
UQedi Dlamini owayimenenja eqenjini AmaZulu FC ukhala ngobuhlungu bokuhlukunyezwa ngu Sandile Zungu. UDlamini uveze lozikhalo ngoba efuna ukucacisa ngokushiya kwakhe kuleli qembu laKwaZulu-Natal.
UDlamini ungomunye wamalungu amadala nakade ehla benyuka belala bengadlile naleliqembu, kanti waba ngomunye wabasebenzi abathenjwa keleliqembu. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi uZungu waqala waqathaza kancane abasebenzi ekade besebenza no Lunga Sokhela.
UDlamini ukhala izinyembezi zokububula kumdali weZulu noMhlaba ngendlela uZungu amhlinzela ngayo ezibini zomhlaba. “Wayevele asayine abadlali ngaphandle kwami njengomenenja oqashelwe ukusayina abadlali. Wayengakhulumi lutho nami ngabadlali abangenayo nabaphumayo, ngasengiphenduke usimangathi ngingayazi kodwa inkinga.
Kwabe kunzima ukuvuka ngiye emsebenzini ngoba ngohlala ngize ngibuye ngingenzilutho eqenjini okwathi umangabe iphela inkontileka yami wangayivuselela.” kuqhuba uDlamini.
UZungu wakhomba abasebenzi abaningi abamqoka abafana no Ayanda Cobra Dlamini, Ayanda Mkhize, Qedi Dlamini kanti labasebenzi kudala bewa bevuka neqembu AmaZulu FC kusukela kudala kakhulu. UZungu uyadla uyantshisa uyaxosha ngoba ungundlovu kayiphikiswa.
Leliqembu kumanje lisanda kulahlekelwa ngabaxhasi abamqoka nabadala kakhulu asebewe bevuka nabo kusukela ngeminyaka yama 90s, abaxhasi bakwaSPAR. Abadlali basanda kwehliselwa imiholo kamuva.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
