
Umqeqeshi uStuart Baxter ukholwa ukuthi akekho umqeqeshi ebholeni ongcono ukunabo bonke. Lenkulumo ka Baxter beyigudla indlebe uRhulani Mokwena njengoba ethi yamehlula iChippa United ne Orlando Pirates.
Uphinde waveza ukuthi iqembu le Mamelodi Sundowns FC linemali eyanele yokuthenga abadlali abanohlonzo nebadingayo. “Abaphathi be Mamelodi Sundowns FC bayawuthanda umsebenzi wabo njengoba behlelekile kahle kanti nabaphathi bezimali baziphethe kahle kakhulu ngoba yiyona indawo emqoka eqenjini.
Lomqeqeshi ungumakade ebona ebholeni lakuleli ngoba useke waqeqesha amaqembu amaningi afana ne Kaizer Chiefs, Super Sports United. Kuyabonakala ukuthi uRhulani Mokwena usengumuntu omubi kubaqeqeshi abamhlophe bangaphandle njengoba bayamhlanganyela ngamagama.
UMokwena usematheni ngokugqubuzana ngamagama noHugo Brooks ongawuvali umlomo njengoba ngathi wadla ubutshwala bokufulela, kanti kumanje usematheni ngezinkulumo eziningi ezithinta abadlali be Mamelodi Sundowns FC.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
