Bayalulekwa abadlali be Golden Arrows

Abadlali be Golden Arrows bahamba ikilasi lokululekwa ngokomqondo n. lokhu kulandela ngemuva kokuphenduka imvu yomhlatshelwa yamaqembu ku Dstv Premiership.

USteve Khompela unxuse uManto Madlala ukuthi amatholele ngokushesha umuntu ongumluleki wengqondo nebala uphuthumile wamlanda njengoba labadlali bahamba ikilasi lokukhanselishwa ngokomqondo.

Leliqembu liphinde lenza izinguquko eziningi zokujima njengoba khona izimpahla ezithengiwe mangabe kufika uSteve Kompela. Khona manjalo leliqembu labafana besithende lizodlala owomkhaya umdlalo ne Richard Bay FC eMpumalanga Stadium ngomgqibelo ngo 15 :30.

Lamaqembu womabili ayawadinga lamaphuzu ephelele njengoba iGolden Arrows isekumanesi folo, kodwa kubi kakhulu ku Richard Bay FC njengoba itilosile emuva lamaphuzu angenza impilo encono. Kulindeleke ukuthi abaqeqeshi baqhamuke namaqhinga aphusile kulomdlalo onzima.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.