
Inkakha yebhola laseNingizimu Afrika, eyake yagijima kuKaizer Chiefs neBafana Bafana, uDoctor Khumalo ithi iNingizimu Afrika izomkhumbula uHugo Broos uma enquma ngempela ukushiya iBafana Bafana. Lokhu kuza ngemuva kokuqubuka imibiko evela eTunisia uthuse abalandeli bebhola bekuleli wezinsolo zokuthi uBroos “useseduze kakhulu nesivumelwano” neTunisia Football Federation.
Lombiko uqhube wathi uBroos usehlonzwe njengomuntu oqokwe njengomqeqeshi olandelayo waseTunisia, kodwa kusazomele alungise isivumelwano sakhe neSouth African Football Association kubika i-Mosaique FM .
Kodwa-ke, amaphaphu iwehlisile kubathandi bebhola inhlangano uSafa kanti nasekhempini yeBafana kuwachithile lawo mahemuhemu, njengoba imenenja yeqembu leBafana uVincent Tseka ewabiza “njengezindaba zomgunyathi” enkundleni yezokuxhumana u-X.
UKhumalo, ukhathazekile ukuthi ukube lomibiko iyiqiniso, kungaba buhlungu ukulahlekelwa lo mqeqeshi waseBelgium njengoba izinto sezihlangana kahle kuyena neqembu lakhe futhi kubonakala intuthuko yangempela eqenjini lesizwe aliqhoqhobele.
“Besizomkhumbula uma engasekho,” esho kuSoccerZone. “ekugcineni kubukeka sengathi kukhona lapho siya khona, siya lapho ethanda khona. Asisakhulumi ngentuthuko kodwa iqembu lesizwe liyathuthuka.
IBafana ibambane ngo 3-3 ngesikhathi ibhekene ne-Algeria emdlalweni ubuseNelson Mandela Stadium, eNingizimu Afrika.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
