IMamelodi Sundowns yenzele izihlabani zeBafana amalungiselele akhethelekile ngaphambi koweCAFCL

IMamelodi Sundowns yenze amalungiselelo okuhamba ayisipesheli kubadlali baleliqembu abayisikhombisa abakwiBafana Bafana, ngaphambi komdlalo weCAF Champions League neYoung African eTanzania kule mpelasonto ezayo.

Ukapteni Ronwen Williams, Grant Kekana, Aubrey Modiba, Thapelo Morena, Terrence Mashego, Teboho Mokoena kanye noThemba Zwane baseqenjini lesizwe e-Algeria ochungechungeni lwemidlalo yobungani yamazwe ngamazwe yeFIFA futhi babalulekile emlenzeni wokuqala we-quarter-final yeqembu labo eTanzania.

ISundowns izobagijimisa bonke labadlali bayo isuka eNyakatho Afrika iye eMpumalanga, ngaphandle kokuthi bajike ekhaya. “Abadlali sibamukela kuphela ngoSuku noma ngosuku olulodwa ngaphambi komdlalo. Ngakho-ke kunzima kodwa yilokhu okuyikho,” uMokwena ephendula umbuzo wentatheli ye-iDiski Times, uVelile Mnyandu ngesikhathi embua ukuthi usiphatha kanjani isikwati sakhe.

“Lena wuhlobo lwesikhala esikuso njengeqembu elikhulu elinabadlali abaningi abamqoka.

“Ngakho-ke kufanele silungiselele konke okusemandleni ethu yingakho kubaluleke kakhulu njengamanje ukuthi sinikeze imizuzu ngisho nakwabanye babadlali eqenjini futhi siqinisekise ukuthi balungile uma kwenzeka noma yini.

“Kodwa ngicabanga ukuthi sisendleleni efanele. Abadlali basabela kahle kakhulu. Benza konke abangakwenza ukusiza ikilabhu futhi ngiyaziqhenya ngabo futhi ngiyaziqhenya ngeqhaza labo.” kuphetha lomqeqeshi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.