
Usomlomo waseMvoti uMfundo Masondo nenkampani ephehla ugesi kuleli lase Ningizimu Africa, uEskom baphume umkhankaso wokuhlakaza izizinda zezinyoka nyoka ngaphansi kwedolobha lase Kranskop.
UMasondo uthole umbiko omkhulu obuqhamuka kubaphathi bamabhizinisi edolobheni lase Kranskop bekhala ngamasela abamise kabi ekuntshontshweni kagesi ngokungekho emthethweni. Abaphathi bamabhizinisi bakhala ngokushoda kukagesi nokuphazamiseka kwawo njalo nokudale isimo esingesihle emabhizinisini.
Kuzokhumbuleka ukuthi lelidolobha elincane lisanda kuqala ukuthi libenemijondolo khona edolobheni ngasemathuneni agudle umgwaqo ohamba izimonto eziya eMakhabeleni naseNkandla.
Lelidolobha lingelinye lamadolobha amadala kuleli lase Ningizimu Africa kodwa angathuthuki njengoba alinayo inxanxathela yezitolo, kodwa linezitolo ezimbalwa kakhulu nomgwaqo owodwa amajalidi ambalwa.
Lelidolobha likakwe ngamakhosi afana no Dlomo, Jali, Ngubane eHlimbithwa, Ngubane eMsinga, Sithole eShane.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
