
Umphathi wamaphoyisa agqoka umfaniswano endaweni yasoThukela uKaputeni uKhanyile ukhathazekile ngendlela amacala okwebiwa kwemfuyo anyuka ngakhona eMsinga.
UKhanyile ucele ukuba abafuyi bayiqaphe ngeso lokhozi imfuyo yabo. Ube esegqugquzela ukuba abanikazi bezinkomo bezishaye uphawu izinkomo zabo ukuze bezokwazi ukuzibona. Ngokusho kuka Khanyile uphawu lusiza ekubeni ufakazi wokuthi leyonkomo eyakho ngempela.
“Uma inkomo inophawu lwakho kuba lula ukuthi uyithole, ngoba kuyenzeka usuyitholile inkomo yakho bese inkantolo ithi ifuna ubufakazi bokuthi eyakho. Lobobufakazi okunguphawu, noma kungathiwa uyazi kanjani inkomo yakho kodwa enkantolo ungafika ungayitholi ngoba awunabo ubufakazi bokuthi eyakho” kusho uKhanyile echaza ukubaluleka kophawu ezinkomeni.
Ukhanyile ube eseveza ukuthi wenza ngakho konke okusemandleni ukuthi endaweni yasezibomvini begcine benendawo yezomthetho(police station) ngoba kukude oThukela uma umphakathi ufuna ukubika amacala.
UKhanyile ukhulume loludaba ngesikhathi ehambele umcimbi womkhandlu kamasipala waseMsinga obubanjelwe ezibomvini community hall. Kulomcimbi umhlonishwa umeya uCllr F.J Skhakhane ubeyokwethula imisebenzi esiyenziwe aphinde aluleke umphakathi ngezimo ezithize nokubonisana nawo ngentuthuko yalesisigceme.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
