
Njengoba ehlezi egqugquzela imfundo kumuntu waseMsinga, UMhlonishwa uMeya uCllr Dr FJ Sikhakhane ehambisana neSekela lakhe Cllr TB Mbatha, usihlalo weMpac Cllr P Dladla nabahlonishwa besigungo iExco, kanye nabahlonishwa baseMsinga babongele kakhulu abafundi ekade benikwa izitifiketi njengoba sebeqedile nje ukufunda.
I-Office lakwaYouth ongaphansi kwa Community services kwaMasipala wethu lisebenzisane nabakwa Wholesale and Retail SETA ukuthuthukisa intsha yaseMsinga. UW&Rseta unike intsha ewu25 ama learnerships (ukufundiswa ube uthola imadlana yokuthenga insipho) laba bebethola oR3000 ababe wusizo olukhulu kubo, ezifundweni ebebefundiswa zona bekukhona Informal Business Practice ne Small Business Ownership yonake ebihlukene kabili okuyi-Ownership ne Finance.
Ohlangothini lakwa W&R seta besihanjelwe uMnu Nkululeko Muntsi no Mnu Theo Linda ochaze kabanzi ngokubaluleka kokuziqalela ebhizinisi ngoba amathuba omsebenzi asaba yimvela kancane. NoMhlonishwa uMeya naye ugqugquzele kakhulu ngokuzizamela.
UMkhandlu uyafisa ukuthi lelithuba liphinde livele khona kuzosizakala nabanye kulo. Uzoqhubeka uzame ukunilethela namanye amathuba anjengalawa azothuthukisa intsha yethu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
