Unyelwe yinyoni obenhlala ehholo lomphakathi eNdumeni

UMeya wase Ndumeni uSiyabonga Ndlovu usecacisile ngoba lomama ohlala ehholo lomphakathi eDundee. “Ngiqale ngicacise ukuthi lendawo yase Dundee yindawo enezinhlekelele eziningi kakhulu. abantu abaningi balahlekelwa ngamakhaya abo. kwabhujwa kakhulu ngisho naselokishini lamakhaladi.

“Lomama ngowase eMsinga wacela ukuthi agobe amadlangala ngoba akanawo amandla okwakha. Uhambile waya emakhaya ngaphandle kokubika. waphinda wabuya emakhaya wangabika. Ngathumela ithimba liyombheka ukuthi usahlalani ngempela bamthola ukuthi usebuyile.

“Kumanje uzophuma ehholo lomphakathi njengoba umasipala wase Ndumeni ngohlelo lukaMeya uzokwakhelwa umuzi ngokushesha” kusho uNdlovu.

UNdlovu ngenye yezimeya ezikhaliphile kakhulu njengoba uhambisa izinto ngomthetho futhi uyakwazi ukucophelela kakhulu ngomsebenzi womphakathi kanti nabantu base Ndumeni kudinga ukuthi bamethembe ngoba uhambisa izinto ngohlelo.

UNdlovu unezinhlelo ezimqoka kakhulu ngomasipala wase eNdumeni njengoba ewufice ukhungethwe yizinkinga ezinkulu. Bekumele aqale agudluze amabibi endleleni kamasipala njengoba bekunuka iphunga lenkohlakalo.

Kumanje useqalile uyahlinzeka umphakathi ngentuthuko, khona manjalo umasipala wase Ndumeni uzosingatha umjaho omkhulu KwaZulu-Natal iPrince Mangosuthu Marathon ngomhlaka 5 may2024.

Lomjaho uqhakambisa idolobha lase Dundee ebalazweni lomhlaba kanti lomasipala ushaya nge Mgodini Gym elokishini lase Sbongile. Kunamabhokisa amaningi ashaya isibhakela esinenkosi phakathi njengoba umasipala oholwa ngumeya Ndlovu unomphetha abangu 7 bamabhokisa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.