
UVusi Kanu Vilakazi ongumqeqeshi we Richard Bay FC ukholwa ukuthi ngeke nhlobo aqalaze emuva kwakhe ukuthi yenzenjani iCape Town Spurs, kodwa yena ufuna ukubamba iMoroka Swallows FC ayishovele emuva.
Lamaqembu abhekene nesimo esibi kakhulu njengoba adonsa kanzima kakhulu ngasezimalini ngoba kumanje alwelwa ukuvika izembe ku Dstv Premiership. Lamaqembu adonsa kanzima yiwona apatanisayo kwezezimali njengoba kunzima emaphaketheni abaphathi bawo.
IMoroka Swallows FC, Royal Am, Chippa United, Richard Bay FC kanye neCape Town Spurs, sebeqalile ukusukuma njengoba ilokhu iqala ukuqoqa amaphuzu amathathu emdlalweni. baphinde bathenga abadlali abaningi ngo January. Kumanje iqembu le Cape Town Spurs libonakala ukuthi lizonqoba ukuvika izembe.
Khona manjalo iqembu le Royal AM kuvela ukuthi kunzima kakhulu kwezezimali kumnyama tsu, njengoba ne Moroka Swallows FC kumnyama kakhulu kuyona ngezimali. I Richard Bay FC idonsa kanzima kakhulu kwezezimali njengoba kuvalwe ngebhayi elimnyama.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
