
UNkululeko Buthelezi ongumqeqeshi we Milfod FC edlala ku Motsepe Foundation League, uveze ukuthi khona abadlali abane abafunwa yiqembu le TS Galaxy yize labadlali engabadalulanga amagama abo.
Labadlali be Milfod FC bazakhele igama ngokushaya iqembu le Kaizer Chiefs ku last 32, nokwathatha leliqembu balifaka ku last 16 lapho lizodlala khona neqembu le Stellenbosh FC. UButhelezi utshele abezindaba ukuthi iqembu labo linalo iqhinga lokucoboshisa omphetha be Carling Black label Knockout Cup.
Khona manjalo leliqembu lindosa kanzima kakhulu emdlalweni we Motsepe Foundation League njengoba lilwela ukunqoba imidlalo yokuvika izembe ku Motsepe Foundation League.
Abafana baka Dr Pupuma badonsa kanzima kuke kwavela ukuthi abasenamali kodwa umqeqeshi uNkululeko Buthelezi ukholwa ukuthi badlulile kulesosimo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
