Ubonge wanconcoza uMnz Siphiwe Mchunu waseMadulaneni esizweni samaChunu owakhelwe indlu uMasipala waseMsinga. UMhlonishwa uMeya Dr FJ Sikhakhane uyivule ngokusemthethweni indlu yakwaMchunu njengoba ngolwesine ubehambele uward 04 ukuyovula izindlu ezine ezakhiwe UMkhandlu.
UMeya waseMsinga ubongele uMchunu njengoba isimo sendlu ebehlala kuyo besingasihle futhi engenawo amadla okuyakha njengoba engasebenzi. Ikhansela lewadi uMnz Bongani Dumakude uthe bayafisa ukwakhela abantu abaningi kodwa isimo esivumi yingakho bekhetha imndeni ehlwempu ukubakhela izindlu ngoba ngempela bengenawo amandla okuzakhele izindlu.
UMeya uMboma uthe isifiso sabo esikhulu ukuthi besize umphakathi waseMsinga, wathi njengoba isimo sezulu sike singabi sihle, kubahlungu ngisho kuye ukuthi khona izakhamuzi saseMsinga esingenayo imizi wathi futhi basozoqhubeka besize nezinye izakhamuzi zendawo eziswele izindlu.
Omunye umama wakwaMangubane owakhelwe naye indlu uthe sebezolala ubuthongo njengoba njengoba bebebikelwa uma kuna imvula ngoba bekumane kungene imvula endlini kube ngathi balele phandle. Ubonge kakhulu kuMeya uSkhakhane kanye nekhansela lendawo uDumakude.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.


