
Iqembu laMaZulu FC selihlukene nabaxhasi balo abadala Spar ngenxa yokuthi uSandile Zungu akanandaba nhlobo nabo kodwa bengenisa imali eningi. USpar usuhlale kuleliqembu iminyaka engaphezulu kwamashumi amathathu bengabaxhasi beqembu, kumanje uZungu uhobile ngaloludaba lokulaxazwa ngabaxhasi.
Kumanje umthombo usipotsozele ukuthi uZungu uyindoda ethatha izinqumo eyodwa engafuni nokuboniswa nhlobo. Bonke abantu abasondelene nayo abanalo nelincane izwi.
Leliqembu AmaZulu FC lidonsa kanzima ku Dstv Premiership League njengoba lisaqansa ukuthola amaphuzu amathathu emdlalweni ilandelana. Kumanje umqeqeshi ubonakala ukuthi useqalile ukuzwa ngabadlali abadala abafana no Ramahlwe Mphahlele ukuthi enzeni ngoba umsebenzi usuyamehlula.
Iqembu AmaZulu FC alisenaso isithunzi sokuba yiqembu elinzima ku Dstv Premiership League ngoba alinqobi lutho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
