
Ugadle ngezinomongo uNobhala we ANC KwaZulu-Natal uBheki Mtolo kwimeya yomkhandlu Mzinyathi uMthandeni Petros Ngubane. UMtolo ukhulume nabangani bakhe ku Whatsapp wathi uNgubane uyisela ngoba uhlinzeka abantu base Mzinyathi ngentuthuko.
UNgubane uphendule ngokuzithoba wathi umsebenzi kaNkulunkulu uhamba kahle, wokuhlinzeka abantu base Mzinyathi namaphethelo ngamanzi nangezinto zokulima njengoba umkhandlu wase Mzinyathi uhamba phambili ngezolimi KwaZulu-Natal nase Ningizimu Africa.
UMbomvu uvele wathi abantu abanjengo Bheki Mtolo balungele khona ukukhefuzela abantu amanga ngoba bayizimpisi. “Manje ngeke uphike nomndeni wezimpisi njengoba nomndeni wezingwe uphila impilo yawo, mina ngowase Ndlunkulu yesizwe saMabomvu eMsinga.” kusho uNgubane.
“Manje ngeke ngamphendula ngoba uyicabucabu sepolitiki eshibhile kakhulu, engalokothi ejombele eMzinyathi ngoba yena wahlulwa umasipala wase Kokstad .
Njengoba ehamba eshaya ipaparatsi yomlomo kubantu kodwa mudala lomuntu kodwa akanayo inhlonipho kusamele ayofundiswa inhlonipho kubo noma konina lume. Ayeke ukuba yihlathi lokucasha izingulube njengoba uyayidlisa kabi ANC ngobuhlathi bakhe ngoba abantu bamthatha njengoba muntu wothuthuvanyana.” kupheha uMbovu
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
