
Injabulo kubafundi ibibhalwe ebusweni namuhla ekuseni ngenkathi uMhlonishwa uMeya Inkosi NB Shabalala ephethathele abafundi base Ndalela High School izipho. Lapha kubalwa kuzo umfaniswano wesikole, izicathulo kanye nokunye okuningi. Lesisikole sisendaweni yaseBurford ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma kuWadi 14. UMhlonishwa uMeya ubehambisana nobuholi boMkhandlu ekubalwa kubo uKhansela Khoza, uKhansela Zuma, uKhansela Buthelezi uKhansela Shabalala, uMenenja kaMasipala uMnuz LS Jili, GM: Corporate Services uMnuz OS Mnguni, CFO uMnuz BB Sithole kanye nabasebenzi bomkhandlu, beyoqhuba umkhankaso wokubuyela esikoleni (Back to School).
Abahlonishwa baphinde banikela ngomacekeceke we laptop okuklonyeliswe ngawo uMnuz Dlamini onguthisha, nowenze kahle kwisifundo seMaths kubafundi bakamatituletsheni. Umhlonishwa uzimisele waphinda wazibophezela ngokwenza umehluko emphakathini ngokunikela ezikoleni ukuze kunqotshwe inselelo ebhekene nezikole ezingaphansi kwesifunda saso Thukela.
Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukusiza nokukhuthaza umfundi ngamunye ukuthi azethembe futhi agxile emsebenzini wakhe wesikole.Lolu hlelo lwemukelwe ngezandla ezifudumele uthishanhloko, othisha, abafundi kanye namalungu omphakathi abekade ekhona. Uthishanhloko, uNkk NL Mbatha, uzizwe ethobeke kakhulu ngalesi senzo wathi isikole sibusisekile ngokuhanjelwa uMhlonishwa oyiMeya yoMkhandlu waso Thukela kanye namaKhansela akhona.
OkaNdabezitha ubesekhuthaza abafundi ngokuthi athi, “Singumkhandlu siyayiqonda inselelo abafundi ababhekana nayo nsuku zonke. Kodwa sinethemba ngalesi sizukulwane ukuthi yisona esiyoba yikusasa lalelizwe. Inhlonipho kanye nokuzimisela kubalulekile futhi akekho omunye umuntu oyoshintsha isimo sakho nesasekhaya ngaphandle kwakho uqobo. Ngaloko ngithi imfundo ibalulekile, ngoba awukho umlingo wempumelelo ngaphandle kwemfundo nenhlonipho.”
Umeya uphinde wagqugquzela abafundi ukuthi bafunde bazimisele futhi baphumelele ezifundweni zabo ukuze babe nekusasa eliqhakazile. Uphinde wathembisa abafundi kanye nothisa ukuthi kusukela manje kuyaphambili, sebezoba nobudlelwane obuhle nezikole ezakhele isifunda saso Thukela. Umhlonishwa ubeseshayela ihlombe othisha bakulesikole ngokusebenza ngokuzikhandla ekwakheni ikusasa eliqhakazile labafundi bakulesikole.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
