
Idolobha lase Dundee ngaphansi kamasipala wase Ndumeni liqhakambisa KwaZulu-Natal ngenhlanzeko yalo. Lelidolobha laqalwa ngama Ngisi ngeminyaka engamakhulu amahlanu eyadlulayo. Ngesikhathi umbuso we IFP eNdumeni, lelidolobha lalinakekela kahle njengoba lalishiywe ngamaNgisi.
Kodwa ukuhamba kwesikhathi laphuma ezandleni ze IFP lawela ezandleni ezingcolile ze ANC nalapho laqala langcola langanakwa lagcina seliguga kakhulu. Ekubuyeni kweqembu le IFP ukuphatha lelidolobha seliqalile ukuqhakaza kakhulu njengoba mangabe uhamba kulona uyabona ukuthi liyahlanzwa.
Lelidolobha laziwa ngokukhiqiza amalahle kanye nenkampani enkulu Orange Groove ekhiqiza amasi nama juice. Abantu abaningi bayathanda ukulihambela njengoba kunomjaho odume eNingizimu Africa yonke obizwa nge Dundee July.
Lelidolobha lingaphansi kamasipala wase Ndumeni oholwa ngumhlonishwa uMeya Siyabonga Ndlovu. Umasipala wase Ndumeni uzovuselela ezokuvakasha nezolimo ngoba uMeya wase Ndumeni uSiyabonga Ndlovu unezinhlelo ezinqala zokukhuculula lelidolobha aphinde aliphucule.
Umasipala wase Ndumeni uqale wakhuculula inkunkuma yangaphakathi kumasipala, njengoba kumanje uNdlovu umatasa ngokubeka lelidolobha ezingeni lomhlaba. I Dundee idolobha elikhulu ngaphansi komkhandlu wase Mzinyathi njengoba linezigqalazinda eziningi zokuhlala nezomlando wamaNgisi, kodwa umhlaba omningi usaphethwe ngabamhlophe ngaphansi kwalomasipala wase Ndumeni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
