Kusayinto emqoka kakhulu ukuhlinzeka abantu ngamanzi kuMeya

Ukuvikelwa kwemithombo yemvelo kusaseqhulwini ukuze umphakathi ukwazi ukuthola amanzi ahlanzekile naphuzwayo eduze nemizi yawo. Kodwa futhi kuwuphawu oluhle ukwazi ukuthi kunezindawo ezinemithombo yamanzi amaningi emvelo. Enye yalezi zindawo iseMoyeni ngaphansi kukaMasipala weNkosi Langalibalele, onemithombo eminingi. Kungalesi sizathu iMeya yesifunda sasoThukela iNkosi NB Shabalala ivakashele kule ndawo namhlanje izokwethula usonkontileka ozokwenza iLoskop Spring Protection and Appurtenant Works emcimbini obusehholo lomphakathi eMoyeni.

Inhloso yale miklamo ukuhlinzeka umphakathi ngomthombo wamanzi owanele nonokwethenjelwa ngokusebenzisa inkontileka eyisipesheli ehlanganisa iSpring Protection and Appurtenant Works eLoskop Wadi 2 ngaphansi kukaMasipala Wendawo Inkosi Langalibalele, ukuhlinzeka ngezidingo ezikhona emphakathini. Lokhu kuzokwenziwa ngokwakhiwa kwendawo entsha yokuvikela imithombo yamanzi, ukumba, ukuhlola, nokuhlomisa ama-boreholes amasha, kanye nendawo yokufaka inqwaba yokugcina amanzi.

Ilungu le-EXCO uCllr Mncendisi Maphisa kuMasipala waseBaqulusi naye udlulise ukubonga kuMhlonishwa iMeya noMkhandlu wakhe ngokummema ukuthi abe yingxenye yalolu hlelo oluletha ithemba, luphinde lusondeze amanzi emphakathini abawusebenzelayo. IMeya kwiNnkosi Langalibalele, uCllr M Myeza ibonge izikhulu zasoThukela ngokuphakela umphakathi amanzi. “NjengoThukela sizokwenza isiqiniseko sokuthi imiphakathi ikakhulukazi yasemakhaya iyawathola amanzi. Abantu akumele bahambe amabanga amade ukuyokha amanzi,” kusho iMeya uShabalala.

Iveza ubungako bomsebenzi, iMeya ithe kukhona;

  • I-EMoyeni Phase 1 Tower Production borehole ezohlomulisa cishe imizi engama-250. Cishe izisebenzi eziyi-10 zizoqashwa izinyanga ezi-2.
  • I-EMoyeni Isigaba sesi-2 Sokuvikela Nokwabiwa kabusha okuzohlomulisa cishe amakhaya angama-53. Cishe izisebenzi eziyi-10 zizoqashwa izinyanga ezi-2.
  • I-Emoyeni Phase 3 Production Borehole ezohlomulisa cishe amakhaya angama-25. Cishe izisebenzi eziyi-10 zizoqashwa izinyanga ezi-2.
  • I-Emaflethini Phase 1 Production Borehole izohlomulisa cishe imindeni engama-62. Cishe izisebenzi eziyi-10 zizoqashwa izinyanga ezi-2.

Uma usuphothuliwe, lo msebenzi uphakela cishe amakhaya angama-390 endaweni. Balinganiselwa ku-40 abasebenzi abazoqashwa sebebonke kuWadi 2. Lolu hlelo luklonyeliswe ngabakwaSydwalt (Pty) Ltd. UGogo Mkhize oyilungu lomphakathi ukujabulele ukuthi iMeya ibasize wathi bajwayele ukuhamba ibanga elide uma beyokha amanzi.

UKhansela weWadi uSithole ukugcizelele ukuthi bonke ubunzima ababhekane nabo maqondana namanzi kuzoba umlando njengoba imigodi yokukhiqiza isiza kakhulu uma kukhulunywa ngezindaba zamanzi kule ndawo. USomlomo uCllr TY Nqubuka ukhumbuze abebehambele lo mcimbi ukuthi uma ingqalasizinda seyakhiwe ngeyomphakathi, ngakho banesibopho sokuyivikela.

IMeya ibiphelezelwa uSomlomo wesifunda sasoThukela uCllr TY Nqubuka, uSihlalo we-Water and Sanitation Portfolio uCllr MM Khoza, uSihlalo weCorporate Services Portfolio Cllr F Zuma, Cllr SV Shabalala, iMenenja kaMasipala uMnu LS Jili, CFO uMnu BB Sithole, GM: Corporate Services UMnu OS Mnguni, Abaphathi, Inkosi Langalibalele Mayor Cllr MT Myeza, Somlomo Cllr SW Khumalo, IMenenja kaMasipala uMnu BS Mthembu, Ikhansela Lewadi Sithole, Amakhansela, Abaholi Bomdabu Nezikhulu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.