
KUBUYE ithemba kuMphakathi wakwa Ceza Ondini owakhahlamezwa isimo sezulu esibi neşaphephula imizi emavikini adlule kulendawo. Imeya kaMasipala Ondini, uMu uWilson Ntshangase ehambisana neNkosi yesizwe sakwaButhelezi uMtwana uNtuthukoyezwe Zuzifa Buthelezi kanye, abakwaGift of the Givers, abakwa-Aquelle kanye nabakwa Kwethu Quarry, bezonikela kumphakathi okokuthiba isimo njengoba besalinde uHulumeni ukuba azolekelela kulendawo.
Ithimba ebiliholwa nguMeya uNtshangase, linikele ngama gilosa okudla, othayela bokufulela izindlu, amanzi kanye nokunye okuningi.
Inkosi yesizwe sakwaButhelezi ihlangane okokuqala nesizwe sayo namhlanje kwaNondayana ngemuva kokutshalwa koMtwana wakwaPhindangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi.
“Nginxusa isizwe seNkosi sibumbane siqhubeke nenhlonipho njengoba saziwa nangesikhathi kusabusa uBaba ongizalayo. Ngizohlangana nani kabi emuva kwesikhathi esibi kangaka esisuka kuso lapha nilele phandle, niphephukelwe izindlu zenu. Lokhu enizokucosha namhlanje kungokokubambisa sinxusa kube khona ukubambisana sicoshe sonke. UMtwana usifundise kahle ngokuzakha nokuzenzela. Nginxusa abantu benkosi babuyele emhlabathini belime , isimo esesiphila ngaphansi kuso manje sinzima kakhulu.” Kubeka iNkosi yesizwe sakwaButhelezi uNtuthukoyesizwe Buthelezi
Imeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase uhlabe ikhwelo kuHulumeni ikakhulukazi wesiFundazwe, wanxusa oNgqongqoshe ukuba bahlukane nokushaya indiva indawo yakwaCeza njengoba ihlale iba kulesi simo sokucekeleka phansi kwemizi, amabhuloho nokunye.
“Uhulumeni waKwaZulu Natal sinxusa usondele uzobona lomonakalo olapha, ngibala uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu ngoba imindeni ilala phandle, owezeMfundo izikole ziphephukile ngakho izingane zethu azikwazi ukufunda, kowezokuThutha, ngoba imigwaqo yonakele amabhuloho wokuwela abantu bakithi awekho.” kukhala uMeya.
“Sibonga kakhulu kubangani boMtwana wakwaPhindangene ngokusukumela phezulu indawo yakwaCeza uma sibabikela ngokwenzekile.”kubeka uMeya uNtshangase
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
