
Unozinti wokuqina weqembu le Nigeria kanye Chippa United uStanley Nwabili, kuvela ukuthi ufunwa yiqembu le Al- AHli yase Saudi Arabia ebeliqeqeshwa ngu Pitso Mosimane ngaphambilini. Ukwenza kahle kwalonozinti kumvulele imnyango emaqenjini amaningi adinga onozinti abasezingeni eliphezulu.
Lonozinti kuvele ukuthi leliqembu lase Saudi Arabia limbone ku African Cup of Nations, lahlabeka umxwele ngalonozinti. UChippa Mpengesi usihlalo we Chippa United uveza ukuthi maningi amaqembu amfunayo uNwabili kodwa ayikho neyodwa esaxoxe naye, kepha izandla uzivulile mangabe umuntu mezohambisana nemigomo yeqembu le Chippa United.
“Mina angimi endleleni yabadlali bami bayakwazi kamuhlophe lokho.” kusho uChippa. Khona manjalo lonozinti ushaye into ecokeme ku African Cup of Nations futhi kuke kwavela amahlebezi okuthi ufunwa yiqembu le Kaizer Chiefs, kodwa alikacacisi ngalonozinti ukuthi lizomsayina noma qha, kwazise ukuthi leliqembu kumanje aliyithi vu nendaba ka Itumeleng Khune osamisiwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
