OweMaritzburg United uveza imfihlo yokushaya amagoli mangabe bedlala ne Kaizer Chiefs

UJudas Mosaemedi ongumgadli we Maritzburg United uveza imfihlo yokushaya amagoli mangabe bedlala ne Kaizer Chiefs. Ubikele IBUNDA IZINDABA, ukuthi yena uyiklebhula kanjani inethi uma bebhekene neChiefs. “Mina ngaqala ngashaya igoli esahlula ngalo iKaizer Chiefs, ngemuva kwalapho ngangithola izingcingo ekhaya nabangani bethi ngiyalazi udaba kumele nomakanjani ngishaye amagoli mangabe sidlala ne Kaizer Chiefs.” kusho lomgadli.

“Lomfutho wokushaya amagoli njalo masidlala ne Kaizer Chiefs wawuqhamuka ekhaya kwa Mosaemedi nabangani bami.” kusho yena.

UMosaemedi kumanje ubuyele ku Maritzburg United ukuzosiza leliqembu lase eMgungundlovu ukuba libuyele ku Dstv Premiership. UJudas uphinde waveza ukuthi lomdlalo we Nedbank Cup last 16, babuyise ngawo ukuzithemba. I-Maritzburg United inqobe iqembu le Paarl United edlala ku SAB League.

UMosaemedi uqale ukugqama eqenjini le Cape Town City, Maritzburg United, Marumo Gallants kanti usebuya eTunisia lapho enqamule khona inkontileka neqembu lakhona.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.