Tebello Ramakongoana ushiye umaki eJapan

UTebello Ramakongoana ongumgijimi we Xcel Running Club yase eThekwini ugila izimanga ezingaziwa emhlabeni. URamakongoana ukhombe indlela enkulu eyaphambili eJapan ku Osaka Marathon ngesonto njengoba ekhulume indaba, waxoxa indab,a wayiqeda ngesikhathi ethola indawo yesibili.

URamakongoana ongowokudabuka eLesotho lapho ehamba khona ehlaba umxwele abaphathi bemijaho ngekhono lakhe elinothile, lomsubathi uzotheleka kuleli lase eMzansi Africa kusasa. UMandla Mngomezulu oyimenenja ye Xcel Running Club, uthi abasubathi be Xcel Running Club baphila njengomndeni nokuqiniswa ngomdali nangemfundo.

Kumanje iKwaZulu-Natal ibeke amathemba ku Xcel Running Club ku Two Oceans Marathon, Comrades Marathon nakuNedbank Runified 50 km. I-Xcel Running Club ikilabhu yase eThekwini enkulu ngemisebenzi njengoba ihamba phambili ngompetha kumakilabhu akhona KwaZulu-Natal.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.