USihlalo we Maritzburg United uveza izizathu ezenza engayithengi iSwallows FC

Farouk Kadodia ongusihlalo we Maritzburg United ugeqe amagula ngamahemu hemu adumile kwabezindaba okuthi uzothenga iMoroka Swallows FC. “ekhuluma ne Mpempe. Com ePrinces Magogo Stadium. “Mina ngeke ngiyithenge iMoroka Swallows FC ngenxa yokuthi inezikweletu ezinzima kakhulu ngabe ngiyashona uqobo ngoba kunzima ukudlalela ngaku Swallows FC.

Mina anginayo inkundla lapho ngidlalela khona njengoba ungibona ngehla ngenyuka ngiqasha izinkundla. Kumanje ngisho imidlalo ye Motsepe Foundation League sithwele kanzima kuyona” kusho uKadodia.

Iqembu lijima eMgungundlovu lidlale eThekwini lokho kusishayile kakhulu salahlekelwa ngamaphuzu amaningi kakhulu ngendlela engafanelekile ngoba besibhekene nobunzima besimo esingenalo uzinzo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.