Kuqhume ikwazi ngesikhathi uMhlonishwa uMeya uCllr Dr FJ Sikhakhane evashele kwa ward 05 ngaphansi kobuholi buka Mhlonishwa Cllr VS Ndlovu eyovula ngokusemthethweni ihholo lomphakathi iMbumbu Hall kwavulwa neborehole yaseMacobeni .
Yize kungawona umsebenzi weLocal amanzi kodwa uMkhandlu waseMsinga wathatha isiqumo sokuthi ngalokhu okuncane okukhona ulekelele iDistrict ngokuthi wakhe ama -boreholes ukuze umphakathi wakithi ukwazi ukuthola amanzi.
UMhlonishwa ube esedlulela kwaNongawu Hall uyokwazisa umphakathi wakulesigceme ngemisebenzi eseyenziwe ukhansela uNdlovu kanye nezinhlelo zoMkhandlu waseMsinga.UMhlonishwa uMeya uphinde wanikela ngamafood parcels awu 150.Kulomcimbi bekukhona abahlonishwa boMkhandlu kanye noMphathi nabaqondisi bemiMnyango yakwaMasipala
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.


