Njengoba isisho sithi “indlela ibuzwa kwabaphambili” nje, uBongumusa Man Xaba wase Msinga uthi naye ufisa ukuthi aqhubeke lapho afunda khona, okuyizinsizwa ezamfundisa ukuthi abe yisibonelo esihle entsheni ebalandelayo.
UBongumusa Man Xaba wase Machunwini eMsinga, ungumshayeli wamatekisi ahambela eMhlanga Tax Association. U”Man” usilandisa ngohambo lwakhe lempilo.
“Ngizalelwe eMuden esigodi saseMsamo nalapho ngikhulele khona ngaqhathwa khona ngafunda khona. Ngiqale imfundo yami yamabanga aphansi eSheshisa Primary School ngaphothula ibanga leshumi eMuden Combined School.
Ngiqale impilo ngaphandle sekushone abazili bami bobabili ngoba ngase ngisele noMama Smangele Mokoena ongumama omncane.
Ngahamba ngayozama amatoho eMgungundlovu ngafika ngangawuthola umsebenzi ngaqala ngazisebenza ngokuthi ngidayise emaranki.
Ngihamba ngidayisela abagibeli abahamba amabanga amade nabaya eThekwini, eGauteng , Eastern Cape, Mpumalanga, okuthe ngaleyomali ngafundela ngayo ubuntshingelani ngoba ngenza uGrade E, D, C.” kuqhuba uXaba.
“Ngashiya eMgungundlovu ngayobheka amatoho eGoli, ngafika ngaqala ngokuthi ngiwashe izimonto zamatekisi, ngabuya ngaleyomali engiyitholayo ngenza Izincwadi zokushayela code 14. Ngike ngathola itoho lomsebenzi wokufakela ama Aircorn kodwa ngalishiya ngoba lingaqondile kahle.
Ngaqala ngathola umsebenzi wokushayela itekisi eGoli nakhona ngaphinde ngalishiya ngabuyela eThekwini ngesikhathi se Covid 19. Kumanje nginomakoti nezingane ezimbili futhi ngimlobolile ngezinkomo nangemali engiyisebenze etekisini.
Kumanje ngifisa ukuqala umsebenzi wami wokuba ngusomabhizinisi futhi ngifuna ukungena kwa transport ngoba ngiyayiqonda manje njengoba ngumshayeli. Ngifuna ukwenza umsebenzi wo Uber ngibona ukuthi ngingasimama kuwona.
Nginxusa abantu abasha ukuthi baqale baqonde ukuthi baphumaphi bayakuphi ngoba mangabe wazi insika yakho uzokokwazi ukuthi waphumelani ekhaya. Abangahlali bagoqe izandla kumele bavuke bazame, kodwa uxwaye abangani abambi ungahambi nomhlambi kazalusile ngoba uphonsana emaweni.
Ukuze imizi yoBaba ivuke kumele sibambelele emfundisweni yabazali. abasifundise yona emakhaya. singashintshwa yiGoli nomayiTheku ngenxa yendlala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.





