
UBafana Tshabalala, ongumalume othutha ababafundi basePrimrose Primary School eGermiston, uthi usize inkampani yonogada ekutholeni umfana, 13, osolwa ngokudubula uthishanhloko ngoLwesihlanu. UTshabalala uthe ubehamba ebuyela lapho bepaka khona izimoto ezokuthutha abafundi ngesikhathi etshelwa onogada abazimele ngokwenzekile.
UTshabalala uthi okwenzeke ngoLwesihlanu kufana nefilimu njengoba eke ezwe ngezindaba ezifuze lezi kodwa ubengakaze acabange ukuthi kuzokwenzeka kubantu abaziyo. “Okubuhlungu ukuthi besingekho ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kade siye ezitolo siyothenga okuthile, sithe sibuya safica izimoto zonogada ezizimele zivale ekhoneni ngemuva kokuthi umfana egeqe ucingo elandela ukudubula. funda ngokudutshulwa,” usho kanje.
Uqhube wathi wacela ukusiza onogada ukuthi babheke lo mfana ngoba uyayazi indawo. “Asikwazanga ukuhlala nje samukele ukuthi uphunyukile. Yilapho singene emotweni yonogada saqala ukuthungatha. Sayishayela saqalaza imijondolo kodwa sabe sesithola imininingwane yokuthi ubonwe ngase-Elandsfontein.” UTshabalala uthe babone umfana eduze kwegaraji likaphethiloli.
“Usibonile sisondela sazama ukumvimba kodwa wavele wagijima, saphuma ezimotweni sajaha ngezinyawo, wabona ukuthi siyasondela wabe esesikhomba ngesibhamu. Ngabikela unogada. ngalokhu wabe esedubula isibhamu okuyilapho ewise isibhamu phansi, sakwazi ukumbuyisela esikoleni sabikela amaphoyisa,” usho kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
