Kuqhume injabulo uMeya eletha intuthuko emiphakathini yasoKhahlamba

Ubuholi bukaMasipala wesiFunda sasoThukela obuholwa yiMeya iNkosi uNB Shabalala buthathe igxathu lokuvakashela isikole iMazizi Secondary esingaphansi kukaMasipala wasoKhahlamba. Amazizi ngesinye sezikole esenze kahle kakhulu onyakeni wokufunda ka-2023 njengoba athola u-100% kwaGrade 12. Njengengxenye yemikhankaso yokubuyela ezikoleni, iMeya yesifunda sasoThukela nethimba layo banqume ukuvakashela isikole banikela nangezipho okubalwa izicathulo zesikole kanye nama-hampers.

“Inhloso enkulu yaloluhambo bekuwukuhalalisela isikole ngemiphumela emihle futhi sikhuthaze abafundi ukuthi basebenze kanzima ngokuphindwe kabili ukuze bafinyelele phezulu.” kusho uMeya uShabalala. Kuthe ngesikhathi kuxoxiswana noThishanhloko wesikole, uNkk Qwabe, uMeya ube esaziswa ukuthi isikole sibhekene nezinselelo eziningi.

Kwezinye zezinto eziqhapheleke kakhulu ukuthi lesi sikole kumele sibhekane nabafundi abaphethwe yizingane abadinga lonke usizo abangaluthola kunoma ngubani ongabasiza. UNkk Qwabe ufunge wagomela ukuthi kulo nyaka baphokophele ukuthola ama-bachelor pass esikoleni.

UMeya, Inkosi uShabalala ayigcinanga ngokuvakashela isikole ilambatha kodwa ifike noxhaso obeludingeka kubafundi abangu-125 abahlomule ngalezi zinto ezilandelayo;
*Izicathulo zesikole ezingama-25
*Amabhokisi amaphepha angu-10 e-Typek
*Amayunithi ayi-100 ama-sanitary pads.


UMeya Uthe akukuningi, kodwa inethemba lokuthi izohamba ibanga elide ekwenzeni umehluko kulabo abaswele.

Ithimba libe selidlulela eNdunwana endaweni yaseThamela, kuWadi 3 liyonikezela ngohlelo lwamanzi esiphethu emphakathini. UMeya uveze ukuthi umsebenzi omkhulu kaMasipala wesiFunda uThukela wukuqinisekisa ukuthi uhlinzeka ngamanzi ahlanzekile, afinyelelekayo kanye nokuthuthwa kwendle okunesithunzi emiphakathini yawo. UMeya uShabalala kanye nethimba lakhe leTechnical bake bavakashela le ndawo ukuze benze ucwaningo ngezindaba zamanzi. Njengokungenelela kwesikhashana, kwaxazululwa ukuthi imithombo ezungeze indawo kufanele ivikelwe ukuze ikwazi ukuphakela umphakathi amanzi aphuzwayo.

Umsebenzi wabe usuklonyeliswa kwabakwa-Sydwalt Contractors ngonyaka wezi-2022. Baqala ngeSigaba Sokuqala, esathatha izinyanga eziyi-8, kwase kuba Isigaba Sesibili ezinyangeni eziyi-12 ukuqeda. Womabili amaphrojekthi aqedwe ngempumelelo, futhi iphrojekthi ngayinye yanikeza amathuba emisebenzi yetoho angama-24 kubantu bendawo. Ibalelwa ku-400 imizi eyahlomula kulo msebenzi.

UMeya ibe isinxusa umphakathi ukuthi uvikele ingqalasizinda yawo ukuze ungabi nenkinga yokutholakala kwamanzi maduze. Uphinde wathembisa ukuthi wonke amaphampu esandla alimele azolungiswa. Inkosi uShabalala iphinde yagcizelela ukuthi amalungu omphakathi kumele abike ngokuqhunyiswa kwamapayipi oThukela Call Centre ku-086 010 4257.

Inkosi Shabalala ibiphelezelwa iNkosi yeSizwe SamaZizi, uSihlalo weKomidi laManzi nokuThuthwa kweNdle uCllr MM Khoza, ilungu le-EXCO Cllr N Mchunu, Cllr SV Shabalala, ubuholi boMdabu, uSomlomo wasoKhahlamba Cllr Z Khumalo, Cllr Buthelezi, Induna uDubazane namaKhansela. Abaphathi bahlanganisa iMenenja kaMasipala wesiFunda Uthukela uMnu JS Jili, GM: Amanzi Nokuthuthwa Kwendle uMnu NN Khuzwayo, iminyango eyahlukene kanye nabasebenzi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.