
USihlalo we Xcel Running Club uSbusiso Magaye Cele ufuna ukunqoba iBest of the Best Marathon. UMagaye ukholwa ukuthi umzila wokuhamba iBest Of the Best Marathon muhle kakhulu kubasubathi. “Lomzila muhle ngokuthi abasubathi bangaphula amalekhodi amasha nokwenza izikhathi ezintsha” kusho uMagaye.
Kubasubathi abamqoka abanandla kakhulu ku Xcel Running Club kukhona Sibusiso Kubheka, Tebello Ramakongoana, Ayanda Ngcobo, Jenet Mbhele. I-Xcel Running Club kulindeleke ukuthi ibambane ne Nedbank Running Club kushunqe uthuli phansi ku Comrades Marathon.
Lekilabhu yaKwaZulu Natal seyiphendule imithandazo yabasubathi ngokuba yikhaya labagijimi abanohlonzo. Kulindeleke ukuthi uJenet Mbhele agudlane nabasubathi abamkantshu bomvu ku Comrades Marathon ne Two Oceans Marathon.
UJenet Mbhele uyisithenjwa kubasubathi abamnyama ku Two Oceans Marathon kanye ne Comrades Marathon. Kumanje lekilabhu yase eThekwini isigudluze amakilabhu amakhulu ngezimali nangemiphumela emihle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
