
UVusumuzi Kanu Vilakazi ukhulule abadlali be Richard Bay FC ukuthi badlale ngendlela abafuna ukudlala ngayo. UVilikazi unqobe umdlalo wakhe wokuqala bedlala ne Super Sports United kanti lomdlalo ushintshe izinto eqenjini le Richard Bay FC.
Ikhefu le African Cup of Nations lenze leliqembu lehlelwa ngumgqigqo ngokusho ka Vilakazi. Kuzokhumbuleka ukuthi leliqembu belidonsa kanzima kabi ngaphansi ka Kaitano Tembo nogcine ngokuthi ijazi ligcwale umoya.
UVilikazi uqale ukuzibonakalisa emazingeni phansi ku Golden Arrows eqenjini le MDC lapho ayinqobe khona amahlandla amabili, ngaphi kokuthi abe yinhloko yabaqeqeshi lapho egcine eshaya into ecokeme khona.
Uphinde walishiya leliqembu le Golden Arrows elishiya noMabhuti Khenyeza, yena wajoyina iqembu le Chippa United lapho engahlalanga khona njengoba manje useyinhloko yabaqeqeshi ku Richard Bay FC.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
