
Inkantolo enkulu yaseMgungundlovu igixabeze umgulukudu obusuhluphile emphakathini nobephinde abeyingozi ngoba kade edlwengula, abambe nenkunzi.UMbutho Zondi ugwetshiwe yinkantolo enkulu yase Mgungundlovu High Court odilikajele abathathu ebhadla ejele engaliboni ilanga nenyanga nezinkanyezi zezulu ngoba waboshelwa amacala abucayi kakhulu okudlwengula nokukhomba ngesibhamu, nokuthumba, nokuntshontsha kanye nokushaya.
UZondi wawenza lamacala endaweni yase eMatimatolo nalapho wakhomba ngesibhamu umuntu wesifazane oneminyaka yobudala engu 23 ngomhlaka 29 ngolwesihlanu July 2022 waphinda wamudlwengula ephindelela. Wamphuca ngendlunzula umakhalekhukhwini wakhe kanti lelicala lavulwa esiteshini samaphoyisa eMatimatolo ngumgilwa wokuqala, icala labeseliphathiswa uDetective Sergeant Richard Gilden ongumphenyi wamacala abucayi odlame nokuvikela kwemindeni nezingane eGreytown Fimily Violence, Child protection.
Wahlala emkhondweni okufuna umdlwenguli ngenhlanhla esahamba endleleni waphinda wathola ukuthi uZondi usephinde wadlwengula owesifazane oneminyaka engu 22 lesigameko senzeka ngolwesibili lomhlaka 27 September ngo 2022 khona endaweni yase Matimatolo, lesigameko senzeka ngomhlaka 2 October ngesonto, nakhona wamudlwengula umgilwa waphinda wamphuca umakhalekhukhwini wakhe.
Ngomhlaka 02 October 2022 umgilwa wokuqala wakwazi ukumhlonza lomguluku esitolo lapho eyenconde khona, wayephethe isibhamu esingekho emthethweni, waphinda watholakala nalabo makhala ekhukhwini ababili. Kwenziwa ulibofunzela ( DNA) ngempela kwatholakala ukuthi ngempela wawenza lamacala womabili lomdlwenguli ongenanembeza.
Inkantolo yase Greytown yabona ukuthi kuncono yamdlulisela enkantolo enkulu yamacala eMgungundlovu. Ngomhlaka 16 inkantolo yamthola ukuthi unamacala yabe isithatha khona isinqumo esingujuqu ngokumgixabeza ngeminyaka engu 166 ebhadla ejele ngemuva kokuhlanganisa ubufazi obuqanda ikhanda.
“Lesigilamkhuba siyofela ejele ngezono zakhe zemkhuba emibi abeyenza emphakathini wase Matimatolo ngaphansi kobukhosi bakwa Cele, nezakhamuzi zase Matimatolo zizolala ubuthongo ngemuva komsebenzi omuhle owenziwa ngamaphoyisa ase Mzinyathi ” kusho Commissioner Major General Francis Slambert ubongele wonke amaphoyisa abambe iqhaza elimqoka lokubamba lomguluku ongumdlwenguli ephindelela, bawuvalela ekhulukuthu lapho ezoyohlala namanye amahlongandlebe endlini emnyama.
Amaphoyisa ase Mzinyathi aphinde axwayisa izigalamkhuba ukuthi zingalinge zidlalele kulesifunda ngoba alufakwa lubuya nodaka, njengoba umsebenzi ewenza ngokukhulu ukuthembeka nkungesabi njengoba awabuyi elambatha mangabe esefikile. Ziyatheleka ezikadalawana kushwabane amasende ezingebengwni kubande inqondo.
Mangabe ungumhlali wase eMzinyathi namaphethelo koMsinga, Nquthu, uMvoti, Ndumeni, phuthuma uyobika udaba lakho eziteshini eziseduze lapho ngasizakala khona ungaphinde ushayele umxhumanisi wamaphoyisa nomphakathi Constable Siyabonga Nkwanyana kuzinombolo zocingo 078 58 44 697 /079500 1354.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
