
UBobby Solomon uqwashisa uPitso Mosimane ngokuba lithofi lomqeqeshi ezweni lase Saudi Arabia, “akumele nakancane Mosimane avumele abaphathi bamaqembu ase Saudi Arabia bamenze ukhaphethe wabo. ngoba encenge umsebenzi kubona.” kusho uSolomon
“Thina uMosimane siyamhlonipha kakhulu njengoba eseqeqeshe amaqembu amakhulu afana ne Mamelodi Sundowns FC, Super Sports United, Al Ahly, Al – Ahli, Al Wahda, manje akumele athathe umsebenzi nomangabe yimuphi. Okucasulayo wukuthi ufike wathatha iqembu le Al Hli ku First Division wakhona walifaka eligini enkulu Pro Saudi Arabia League bamxosha, waphinda futhi kwamehlela lokho bamxosha ku Al Wahda kumanje uqeqesha Abha bamqashele ukuvika izembe.
Awukhuli nhlobo ngomsebenzi mangabe uqashelwa ukuvika izembe nokukhuphula amaqembu bakuxoshe” kusho Bobby Solomon. UMosimane usenqobe Dstv Premiership, CAf Champions league kathathu, kabili ku Al Ahly ne Mamelodi Sundowns FC, CAf Super Cup.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
