Izohanjelwa izingwazi imiqhudelwano Bhambatha Cluster

Izohanjelwa izingwazi okubalwa, uMsinga United kanye nomengameli we Chess eye Bhambatha Cluster Primary Schools Tournament. Kuzoqhumal nhlamvana ezinye zofekela makuhlangana ama Primary Schools ngomhlaka 2 March 2024 eNyoniyezwe Sports Ground.

Umgqugquzeli walemidlalo uLucky Ntuli uthi inkuzi isematholeni ngesikhathi kuzodlala izikole ezingaphansi kwe Bhambatha Cluster Primary Schools Tournament. Lemidlalo kulindeleke ukuthi izinga libephezulu kakhulu kuyona njengoba abadlali abaningi balambele ukudlala kule Tournament.

Phakakthi kwezikole ezizobamba iqhaza kulomgqudelwano kukhona, iHlanzeni Primary School yase Nzala, uMzwenkosi Primary School wase Nzala, iSibila Primary School yakwaPhakwe, Amakhanjana Primary School, Mfenebude Primary school yakwaNdayi, Smanyana Primary School, Fisokuhle Primary School, Holisizwe Primary school, Mkhuphula Primary School, Makhanjana Primary School.

Kuzobakhona nemidlalo yomqakiswano (Netball) nemidlalo ye Chess. Umengameli we KwaZulu-Natal Chess uLindokuhle Ngubane uzoyihambela lemidlalo kanti uLucky Ntuli onguthisha wase Hlanzeni Primary School nophinde abengusihlalo we Bhambatha Cluster Primary Schools Tournament unxusa othisha bezikole nabafundi ukuthi baphelele ngobuningi kulemidlalo.

Wanxenxa abazali ukuthi babambe iqhaza elimqoka kakhulu kubantwana njengoba bezocela izimali zohambo. Kumnandi ukubona abadlali bezikole zase Msinga ngoba ibhola bayalidlala, lemidlalo izohanjelwa ngusihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza, neselikhiqeze abadlali abanohlonzo abadlala ku Dstv Premiership League abafana noBandile Mzambiya Ndlovu, Nkululeko Mkhulise Miya, Thabani Motsiri Mthembu bonke badlalela iqembu le Richard Bay FC.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.