Idolobha lase Msinga liyathuthuka kakhulu KwaZulu-Natal

Kuqopheke umlando omusha ngedolobha lase eMsinga njengoba lelidolobha lise endaweni yase makhaya ngaphansi kobukhosi base baThenjini. Idolobha laseMsinga, lisanda kuqalwa kabusha njengoba line Mall entsha futhi kanokusho, kanti ukwakhiwa kwale Mall kulethe injabulo kubantu base Msinga.

Abantu base eMsinga kade behamba ibanga elide kakhulu beyothenga emadolobheni aseduze afana neGreytown nase Dundee, kodwa namuhla labantu base Msinga baqale le Mall ngosizo losomabhizinisi bendawo.

LeMall iqhakazisa lelidolobha lase eMsinga ukuba libengelihle KwaZulu-Natal, lilandela idolobha lase Makopani eLimpompo elihle elisendaweni yase emakhaya elihlanzekile eliphethwe ngabamhlophe. Lelidolobha lihlanzekile ngendlela egculisayo njengoba mawungena eMall ufica zonke izitolo ezinkulu ezitholakala emadolobheni amakhulu eNingizimu Africa.

Kugqhama kakhulu ukuzakha nokuzenzela kubantu base Msinga ngoba lelidolobha linomjaho obizwa nge Drift Kani wezimonto othandwa ngabantu abaningi kanti lomjaho uhlelwa ngu Simanga Mabaso.

Liphinde lizungezwe ngama B&B agudle umfula uThukela nothi umangabe ufuna ukushaywa ngumoya omnandi obandayo kamnandi kumele uwavakashele. Kukhona izindawo zokuzijuxuza khona edolobheni lase eMsinga ngaphakathi.

Kukhona inkundla yezemidlalo enhle uMzisho Stadium elikhaya loMsinga United odlala ku ABC Motsepe League KwaZulu-Natal kanye nekhaya loMsinga United elakhiwe kahle kakhulu liseduze ne Mall. Uzobona amasimu amakhulu kakhulu, lamasimu atshaliwe, kube isiteshi samaphoyisa, uphinde ukhone ukubona isibhedlela iChurch of Scotland.

Mangabe usubheke KwaMajozi uzobona indawo enhle ye B&B eyakhiwe ngesakhiwo sotshani lendawo ino Swimming pool. Uzobona isakhiwo sika Masipala wase Msinga umthente ohlaba usamile, lesakhiwo siseduze nomfula uThukela.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.