
UMeya wase Msinga FJ Sikhakhane uhambele izikhamuzi ezihlala ngaphansi kuka wardi 11, eholwa ngu Khansela Mj Ndebele. USikhakhane ubehamba nobuholi bonke buka Masipala wase Msinga ngenhloso yokuzothula izindlu ezingu 4.
Lomasipala ubuzokwethula lezindlu kubantu abalekelelwe ngumasipala wase Msinga kanti kulemizi ehlomulile kumasipala umuzi wakwa Sikhohlande, kwa Mqumbukazi, Gudwini,
Khona manjalo uMeya walomasipala wase Msinga FJ Sikhakhane nethimba lobuholi lidlulele ehholo lomphakathi lapho ethule khona umsebenzi owenziwa kulesigceme sika Wardi 11 ngentuthuko. UMeya wadlulisa ukubonga nokwenama kwakhe ngabasebenzi bakamasipala ngomsebenzi omuhle abawenzayo wokuqhuba intuthuko engenawo umnyocu.
Lomasipala usanda kuchonywa uphaphe le Ligwala gwala ngokuhlelo lama EPWP njengoba uMeya wase Msinga uFJ Sikhakhane aziwa ngo Meya wentuthoko, uphinde wahlomulisa amaqembu omculo angu 10 ngesamba semali engu R3000 iqembu ngalinye nama Food parcels emndenini engathathi entweni.
Abanikazi bemizi babonge ubuholi buka masipala obuholwa ngu Meya F J Sikhakhane kanye nabasebenzi balomasipala uMthente ohlaba usamisa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
