
Abakhokhi bentela bathi uMasipala uMsunduzi wawubathembise ukuthi zizosulwa izikweletu zabo kodwa lokho akwenzekanga. Amalungu e-Greater Edendale Ratepayers Association amashele ehholo ledolobha laseMgungundlovu efuna ukuthi kusulwe izikweletu zawo ezindala zamanzi nama-rates.
Bathe uMasipala uMsunduzi wathembisa ukuthi zizosulwa izikweletu zabo kodwa lokho akwenzekanga. Basola ukuthi kuno-R57.7 million owabelwa umasipala ukuze usule izikweletu zawo. NgoJulayi nyakenye, usoseshini wethula incwadi yezimfuno zawo kuDolobha kodwa awukayitholi impendulo.
Izimfuno zabo zihlanganisa ukucisha isikweletu samanzi nama-rates kubahlali base-Greater Edendale, intela okufanele ikhokhiswe ngesikhathi umasipala usalungisa amapayipi amanzi avuzayo, nokumisa umkhuba weDolobha wokukhipha amasamanisi kubahlali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
