
Umphakathi wase eMthwalume kwaQokololo ukhala ngubuholi buka Hulumeni wesifundazwe saKwaZulu Natal. Ngokuthi kudala wafaka isicelo sokwenzelwa ibhuloho lezinyawo ngoba lomphakathi kusukela emandulo ubuwela emfuleni ngezinyawo kepha namanje kusaphoqeleka ukuthi abazali bawelise izingane zabo ngaphesheya komfula ekuseni baphinde bazihlangabeze ntambama. Lomfula uyingozi ngoba ubanamandla kakhulu ngesikhathi sasehlobo njengoba usuke udla amagalelo.
Lomphakathi uthi akukho ongakwenzile ukuthi baphume kulenkinga ngoba bayabhala, bayafona futhi baphinde ba-email kodwa lutho ukuthola usizo kusukela kusaphethe uhulumeni wobandlululo.
Abantwana bafunda ezikoleni ezingaphesheya kwemifula kusukela kubantwana abancane kuya kwabadala. Amalungu omphakathi ekuseni uwafica ehambisa abantwana ebawelisa. Iqinisio lithi lesifundazwe lenselela iningi kakhulu njengoba imphakathi eminingi iphila ngaphansi kwesimo esibucayi KwaZulu-Natal.
Kusolwa ukwehluleka kulka hulumeni wesifunda ngalezinkinga baphinde bawusole ngokwenza izithembiso ojike ungazifezi kepha ube uqamba amanga ukuthi uyanakekela njengoba kumanje imigwaqo emningi igqobhokile yaguga yaphela.
Ngisho emadolobheni amakhulu imigwaqo yakhona isiphenduke ubhuqu ngoba umnyango wakwa transport unemali eningi nenkohlakalo eningi futhi ubolile uyatixika ukugcola kwezikhulu zawo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
