
Kushunqa intuthu phakathi kwabadidiyeli ababili bomsakazo omkhulu Ukhozi FM, Abadidiyeli bohlelo lalomsakazo, iVuka Africa Breakfast Show, kuthiwa bayinkukhu nempaka ngoba bengasahoshelani nhlobo kodwa kade bengamathe nolimi. UMandla Njinji Magwaza no Babheke Mthethwa abasabhekani nhlobo ngoba omunye ukhomba omunye esweni nomunye uvikela isolakhe.
UMagwaza kanye noMthethwa bagudlana ngamahlombe nje, yingoba basolana ngokuthakathana. Lokhu kuza ngemuva kokuthi kukhona okhala ngokuthi uyamloya ngoba amakhamera enkampanini yakwa CCTV aveza lona omunye osolwa ngokuloya kukhona akwenzayo emontweni yalona amsolayo.
Kanti nalona omunye usola uzakwabo ngokuthi umsabisa ngabantu abamfonelayo njengoba esanda kuthola ucingo oluthi uzokufa nokufa. Labadidiyeli bomsakazo woKhozi FM bahlangane estudio kwaqubuka lenxabano neyethuse abaningi abazibonele bukhoma. Ngoba kusuke esinamathambo bexabana besho ukuqedana khona lapho kwaswela ozogadla kuqala.
Labadidiyeli kudala besebenza ndawonye ohlelweni lika Jabula uJule noDudu Khoza. UBabheke Mthethwa ubhalele abaphathi balomsakazo uhide lombhalo wonyazi (email) lapho echaza ngokungahoshelani kwakhe noMandla Njinji Magwaza. Kulencwadi uMthethwa ukhombise khona ne video yezingxabano zabo kusukela ngonyaka odlule. Abaphathi bomsakazo basukume lapho bathatha isinqumo sokubalamula ngokuthi bahlukaniswe, ngokuthi uBabheke Mthethwa usezongena ohlelweni lantamabama ku Woza Nabangani Bakho olushayelwa ngu Khathide Ngobe no Selby Mkhize.
Loluhlelo belididiyelwa ngu Thozama Ngwenya osezoguqukela kolunye uhlelo langomgqibelo olubizwa ngokuthi yi Top 30, loluhlelo belididiyelwa ngu Babheke Mthethwa yena osezodidiyela uhlelo lama Chillas ngawo umgqibelo.
Ngaphambilini labadidiyeli kade bengamathe nolimi njengoba bebesebenza ndawonye naku Top 30 kodwa kuphele uDecember bengasahoshelani njengoba loluhlelo bese lididiyelwa ngu Sihle, ngoba uBabheke Mthethwa eselishiyile. Lezinguquko zonke zenziwe ekuqaleni kwalenyanga Nhlolanja, ngoba kubonakala ukuthi lezinkunzi zabadidiyeli azisakwazi ukuhlala ohlelweni olodwa iVuka Africa Breakfast Show eshayelwa ngu Sipho Sqemeza Mbatha no Nonhlanhla Mroza Buthelezi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini labadidiyeli ngesikhathi besebenza noLinda Sibiya basolakala ukuthi babamba iqhaza elimqoka lokumxoshisa emsakazweni uKhozi FM. Baphinde basoleka ekudleni izimali no Sqemeza Mbatha kuqinisekisa umthombo ongaphakathi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
