Usenyinyama Evidence Makgopa emaqenjini ase Europe

Umgadli we Orlando Pirates ovutha umlilo ngokungalibheki ipali, u-EVidence Makgopa usedonse amehlo amaqembu amakhulu eFrance nase Belgium. Lomgadli uzakhele ugazi kumaqembu ngenxa yokuhlala ebhokisini, lento ethandwa ngabaqeqeshi abaningi ngoba yenza abadlali basemuva bangakhoni ukuhlasela.

UMakgopa ukhombise izimpawu zokuvuthwa ngesikhathi ehlangana kahle nabadlali be Mamelodi Sundowns FC emdlalweni we CAf African Cup of Nations. Lomgadli uqale ngokuheha amaqembu amakhulu ngoba edlale kakhulu ehlangana kahle no Themba Zwane.

Uphinde washaya into ecokeme emdlalweni kowandulela amanqamu ne Nigeria. UMakgopa uqale ukugqama eqenjini le Baroka FC ngaphambi kokuthi asayine ku Orlando Pirates. Kumthathe isikhathi sokuba ajwayele ku Orlando Pirates njengoba bengadlali njalo.

Kodwa namuhla ijezi ngelakhe ngaphansi komqeqeshi Jose Riveiro, usephenduke umsindisi wabalandeli be Orlando Pirates. Lomgadli wase Limpompo ubeke wabanesidinyana ku balandeli be Orlando Pirates ngenxa yobuthaka bakhe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.