
Lenze umsebenzi omuhle noncomekayo ithimba lamaphoyisa ase Mzinyathi eliphenya amacala okudlwengula ebeliholwa ngu Detective Sergeant Thembeka Mgobhozi wase eMdlovana, nosebenza ngamacala athinta udlame lemindeni nokuvikela kwezingane nokuhlukunyezwa ngokocansi. Loluphenyo luholele ekubanjweni kuka Khayelihle Lembethe wase Muden oneminyaka engu 38.
UKhayelihle Lembethe wadlwengula ephindelela umgilwa njengoba wayesemdlwengula ngisho endlini yakhe izikhathi eziningi kakhulu. UMgilwa wavula icala eMuden Police Station lokudlwengulwa kwathi ithimba labaphenyi laqala lamfuna laze lamthola watokela Greytown Regional Court.
Wangayithola ibheyili ngenxa yobucayi becala elinobufakazi obuqanda ikhanda. Ngengoba UKhayelihle Lembethe watholakala ukuthi ulenzile icala, inkantolo yase eMdlovane yamgixabeza ngeminyaka engamashumi amabili nantathu ebhadla ejele.
Umsebenzi wamaphoyisa aseMzinyathi uyabonakala njengoba awalali enza umsebenzi omkhulu noncomekayo ukugcina ukuthula emphakathini wase Mzinyathi. Amaphoyisa aphinde anxusa umphakathi ukuthi ungasabi ukubika izinto ngoba lamaphoyisa udaba ayalulandela ngempela.
Amaphoyisa aphinde aveza ukubaluleka bokubika ubugebengu ikakhulukazi uma kwenziwa abomphakathi noma abasondelene nabo okuwumkhuba ujwayelekile ezindaweni zase makhaya. Amaphoyisa ase Mzinyathi mangabe ufuna ukuxhumana nawo ungafonela Constable Siyabonga Nkwanyana kuzinombolo zocingo 078 58 44 697, 0795001354.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
