Uthembise umshado u-Andile Jali

Ubelokhu ephuma engena kwimakethe yomjolo selokhu ahlukana nomqeqeshi wokuzivocavoca nosomabhizinisi uNonhle Ndala umdlali webhola nowayengukaputeni weMamelodi Sundowns, u-Andile Jali. UJali usephinde waphuma emakethe ngokusemthethweni ngemuva kokucela umshado kumlingani wakhe, uSomi Ndzibongwana.

Umngani omkhulu ka-Andile udalule ukuthi lomdlali kanye noSomi sebethembisene umshado ngokusemthethweni ngemuva kokuthandana isikhathi esingaphezu konyaka. “Ubedinga umuntu omqondayo angamehluleli. USomi uyamnakekela; ungumuntu wasekhaya futhi uyamphekela. Uthanda ukuhlala endlini futhi uzihlalele nje ekhaya.” kusho lomngani. U-Andile wacela umshado kuSomi ngonyaka odlule, kodwa bobabili bakufihla lokho.

” Abakufihli kodwa akumele benze isimemezelo esikhulu. Ufake indandatho amthengele yona, bahlala ndawonye.’ kusho umngani, wengeza ngokuthi u-Andile usefinyelele emndenini wakhe. “Bakubeke kwasemthethweni emindenini, kumele aqedele ilobolo nomshado.

U-Andile ubeshade noNonhle ongumama wezingane zabo ezintathu ngo-2018, uNonhle wasola u-Andile ngodlame lwasekhaya wabe esemvulela icala. Wachitha ubusuku ezitokisini zamaphoyisa kodwa wabuye wawahoxisa amacala. Ngaphambi kwesehlukaniso, uNonhle wayethi “umhlambulule” u-Andile engamfaki entweni emenza abe ngumdlali webhola ophumelelayo asenguye namuhla.

Ngemva kokuhlukana kwakhe noNonhle, u-Andile wathandana nesihlabani sikamabonakude esiphinde sibe ngusomabhizinisi uBrinette Seopela. UBrinette ukuqinisekisile ubudlelwano wathi bahlukana kudala. Umngane oseduze uthe bobabili babehlala ndawonye kwaBrinette. “Wabhekana nesimo esinzima nangaleso sikhathi, wayengashadile futhi baduduzana kodwa kwangahlala. U-Andile usitshele ukuthi “akasekho emakethe” kodwa akathandi ukuxoxa ngempilo yakhe. “Ngithathekile kakhulu. Ngingowomuntu kanti asifuni ukukhuluma lutho nabezindaba.’


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.