
UMHOLI we-EFF uJulius Malema ukhwele wadilika kuMenenja yeDolobha kumasipala weTheku, uMusa Mbhele, wathi udidekile, uzithwele futhi usememezele wonke amasekela akhe (amaphini omphathi wedolobha – DCM) njengezitha zakhe. Lokhu kuholela ekutheni uMbhele enqbe ukusayina amaphepha adinga ukuthi asayinwe nguye ngoba ekhala ngokuthi uboshelwa uzungu lokushwa. Ukhuluma esithangamini sebezindaba, kwelomkhulu lalenhlangano, uMalema uqhube wathi uMbhele uyavilapha futhi akawazi umsebenzi futhi uchitha isikhathi esiningi engaphandle kwezwe.
Lezinsolo zikaMalema zingezinye zezinto ezikhombisa ukuhluleka kokuphathwa kwalomasipala ongaphansi kwe-ANC. Izinkinga zokushoda kwamazi ezindaweni nasemalokishini amaningi kulomkhandlu sekudale ukuthi izakhamizi kanye namaqembu aphikisayo agxeke izikhulu eziphethe lomkhandlu.
Isiphakamiso seDemocratic Alliance sokuhlakaza umfelandawonye we-ANC ne-EFF umkhandlu kaMasipala weTheku sihlulwe ngamavoti angu-53. I-DA ithe umasipala ngaphansi kweMeya uMxolisi Kaunda wehlulekile ukwenza umsebenzi wawo nokuletha izidingo ezigculisayo kubahlali.
Abanye abahlali baseThekwini banethemba lokuthi inkinga yamanzi eqhubekayo izoxazululeka ekupheleni kwenyanga. Umasipala wehlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokulungisa ingqalasizinda yamanzi ekupheleni kwaleli sonto.
CIC Julius Malema Addresses EFF Press Conference. https://t.co/CszbcyIyYq
— Economic Freedom Fighters (@EFFSouthAfrica) February 15, 2024
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
